Ukagiso Malinga uthole ikhaya elisha ku Arrows

Ukagiso Malinga uvumbuke ku Golden Arrows. Lokhu kwenzeke ngesikhathi esincane njengoba ube sanda kushiya ku Moroka Swallows FC emavikini amabili adlule. Lomgadli ungomunye wabadlali ababamba isiteleka kwi Moroka Swallows FC ngenxa yokuthi abaholi. Lomgadli kudala eyitakula iMoroka Swallows FC njengoba waqala kuyona ukudlala ibhola elikhokhelwayo. Iqembu labafana besithende liqale kahle isizini kodwa liyiphethe kabi imidlalo yalo yokugcina. ngaphambi kokuthi kube nekhefu lemidlalo ye African Cup of Nations.

Kulindeleke ukuthi umqeqeshi waleliqembu UMabhuti Khenyeza alungise amaphutha ngoba leliqembu lisanda kusayina uSibusiso Sibeko. Abafana besithende bayiqembu elenza kancono kakhulu kulamasizini njengoba ngaphambilini ngaphansi kwabaqeqeshi abafana no Mandla Ncikazi, Vusimuzi Kanu Vilakazi bayibambe kahle, laqeda emaqenjini angu 8.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.