
Umphakathi waseMuden ngaphansi kwa wadi 8 ucela usizo kusomabhizinisi ngomgwaqo- omagqobho gqobho, nowashaywa ngekhadi elibombu. Lomgwaqo kunzima ukuhamba kuwona njengoba ulimaza izimonto zomphakathi. Abanye abahlali bancamela ukushiya izimonto zabo emadolobheni amakhulu ngenxa yesimo salomgwaqo.
Omunye umhlali okhulume ubikele IBUNDA IZNDABA ukuthi sekuyiminyaka benza lokhu ngenxa yemigwaqo engalungiswa. “Mina mfowethu ngihlala eMuden kodwa ngokomsebenzi ngisebenza eGoli, nginemonto encane esengavele ngazitshela ukuthi ngizohamba ngamatekisi, ngoba awukho umgwaqo okhona futhi nje ngahlupheka kabi ngifelwa yimonto ngenxa yalomgwaqo manje angisophinde ngaphandle kokuthi uMasipala wethu usilungisile lenkinga.” kusho uMandla Mnyaka oyiskhamuzi kulendawo yaseMunden.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
