Ushiye angalazi kuNobhala we-ANC kazwelonke UMnz Nathi Nhleko

Owake waba uNgqongqoshe wama phoyisa ngesikhathi sika Mongameli Jacob Zuma ushiye angalazi kunobhala we-ANC kazwelonke. UMnz Nathi Nhleko uchaze uMnz Fikile Mbalula njengehlaya lika nobhala, wambiza ngesiginqa thuvi. Uqhube wathi ngokukhetha uMbalula, uNkulunkulu uyidunusele inhlangano ebusayo. UNhleko ubephendula inkulumo kaMbalula ethi kwadung3la baqambe amanga ephalamende kuze bavikele uZuma.

UNhleko uqale ngokuncoma uMbalula, emchaza njengoNobhala-Jikelele we-ANC omubi kunabo bonke eminyakeni engu-112 yasungulwa. Ube esethi uMbalula uvule inqwaba yezintuba futhi wafaka uMengameli Cyril Ramaphosa enkambweni njengoba ubelokhu ebika kuyena ngalolu daba njengoba ebengusihlalo wekomiti lezepolitiki elijutshwe ukuphatha lolu daba. “Isibonelo, ubani ngempela owangiyalela ukuba ngiqambe amanga egameni le-ANC?” Kuzwakala uNhleko ekhuluma kwi-voice note.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.