
Inyanga yaseThekwini esihamba phambili kwi-MK Party sesabise ngokukhipha izimfihlo ngoNobhala we-ANC eKZN, uMnuz Bheki Mtolo, osengundabamlonyeni. Inyanga Khehlelezi (ogama lakhe langempela uBhongolethu Mzozo) ungumnikazi wendawo yaseVerulam (Mzo Lifestyle) ebinomhlangano we-MK Party ngomhla zingama-26 kuZibandlela wezi-2023. Ngesikhathi ekhuluma emhlanganweni weSADTU izolo, uMtolo wamthuka wathi ungomunye wabaningi “abangamasela nabahamba ebumnyameni. “Asebejoyine iqembu elesekwa ngowayenguMengameli uJacob Zuma.
UMtolo ube esedalula ukuthi uKhehlelezi wake waya kuye ukuze amsize mayelana nomkakhe okuthiwa ubejola nesikhulu sikamasipala. UKhehlelezi usevele wacasuka wasabisa ngokuthi naye uzophahlaza izindaba zakhe ngoMtolo.

Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
