
URichard Ofori ongunozinti weqembu leGhana kanye neOrlando Pirates, angase alishiye leliqembu leOrlando Pirates umangabe kuphela isizini njengoba nenkontileka yakhe iphela. Umangabe kuphela isizini ngoJune, lonozinti wagqama kuMaritzburg United ubelizwa ngendaba ijezi kwezimnyama njengoba ebanga ijezi no Melusi Buthelezi, Sipho Chaine. U-Ofori kumanje useqenjini laseGhana elizodlala ku African Cup of Nations.
Lonozinti kuvela ukuthi akasathandi ukudlala kuOrlando Pirates, njengoba engalitholi ijezi. Uthi yena usafuna ukudlala manje ufuna iqembu azodlala kulona kusho umthombo, utshela IBUNDA IZINDABA. Lonoziti ungomunye wonozinti baseGhana abamqoka eqenjini lesizwe lakhona noma engadlali njalo ku Orlando Pirates.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
