
INkatha Freedom Party (IFP) isimemezele ukuthi izokwethula ngokusemthethweni iManifesto yayo yokhetho luka-2024 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMashi 10, 2024. UMengameli uVelenkosini Hlabisa uzokwethula inkulumo yosuku kulo mcimbi. I-IFP isijoyine izinhlaka zamanye amaqembu ezepolitiki ekugcwaliseni izinkundla zokwethulwa komqulu wokhetho njengoba i-ANC ihlela ukuba nomcimbi eMoses Mabhida Stadium ngoFebhuwari 24 kanye ne-Economic Freedom Fighters (EFF) ngoFebhuwari 10.
Njengeqembu lesine ngobukhulu eNingizimu Afrika, i-IFP iyiqembu eliphikisayo KwaZulu-Natal (KZN) futhi lilawula iningi lomasipala esifundazweni. “Umhlahlandlela weqembu uzophuma engqungqutheleni yenqubomgomo ye-IFP esanda kuba yimpumelelo, lapho sethule esizweni izinhlelo zethu zokuthi iNingizimu Afrika isebenze. I-IFP izokwethula kubavoti umqulu obeka abantu baseNingizimu Afrika phambili.
Eyodwa ezokhuluma nezisombululo ezikhona mayelana nenqwaba yezinkinga esibhekene nazo, sibe sinikeza abavoti ithuba lokuvotela abaholi abayizinceku ezibeka eqhulwini ubuholi obunokuziphatha okuhle nokuhlonipha umsunguli wethu, uMntwana uMangosuthu Buthelezi,” kusho isitatimende se-IFP.

About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
