
Okhulumela i-DCS uSingabakho Nxumalo ukhiphe isitatimende esithi: “UMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo ungaqinisekisa ukuthi u-Oscar Pistorius usesekhaya ngoshwele kusukela ngomhlaka-5 Januwari 2024. Wangeniswa ohlelweni lokuhlunyeleliswa kwezimilo futhi manje usekhaya.” Ngaphambilini uNxumalo uthe uMnyango ngeke uyidalule imininingwane ngokudedelwa kukaPistorious ngoba lokho kuzobeka engcupheni ezokuphepha.
“Ngakho-ke, imininingwane mayelana nezinhlelo zezokuthutha kanye nesikhathi sokukhululwa ngeke kwaziswe umphakathi. Ukudalula imininingwane enjalo kungase kubangele usongo lokuvikeleka kwesiboshwa kanye nabanye ababambiqhaza abathintekayo. Ngakho-ke i-DCS kufanele ilawule ngokucophelela leyo ngozi,” esho.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
