ISILILO kuhlaselwa uMfundisi evika izibhamu endlini yesonto eRichardsBay

U-Mfundisi uZwane eRichards Bay endaweni yase Mzingazi phansi kweBandla iHour of Praise and Worship Ministries, usethuka izanya nebandla aliholayo ngenxa yekhasi lakuFacebook abalivula beyibandla okuwukuthi uma abantu befakaza kulo iPage bebonga amandla kaMdali kanjalo befakaza ngokuhle esekwenzeke empilweni yabo kuvele kwenza kwavusa umona ebantwini. Bali Hacker base becela imali ngegama lebandla bengazi bona.

Ngokusho kwakhe uMangethe uthi “Salivula icala amaphoyiseni alandelela kwagcina sekutholakala ukuthi ubani wakwabani. Ngikhuluma nawe kuthangi besihlaselwe ngabantu emzini wami kusize amaPhoyisa sesibaleka emgwaqeni afika azosiza besho ukusiqeda ngezibhamu. Umndeni wami ngawushiya komunye umuzi ezihlotsheni ngabaleka, amaphoyisa namanjeke asaphenya ukuthi kwenzakalani ngalesigameko kodwa khona asiphephile siwumndeni ngenxa yalesisehlo amagama babenzi bobubi sisawagodlile ngenxa yokuvikela isithunzi sebandla thizeni elenze lesehlo” Kwengeza uMfundisi


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.