
UMagda Wierzycka (isikhulu esiphezulu saseSygnia), ungomunye wasomabhizinisi abamhlophe futhi abahlonishwayo kulelizwe asebequnge isibindi kavuma baphumela esidlangalaleni ukuthi babenethemba lokuthi uMengameli Cyril Ramaphosa uzokwenza kangcono kunowayenguMengameli Jacob Zuma, kodwa izinto zaba zimbi kakhulu ngaphansi kwakhe.
Ukuntengantenga komnotho, ukuphela kukagesi nsuku zonke, ukuntuleka kwemisebenzi, ubugebengu obudlangile nokungabi namthetho, ukuwohloka kwengqalasizinda, kanye nezikhundla ezididayo zenqubomgomo yamazwe angaphandle kwenza abatshalizimali bahlukane nezwe. Lezi yimiphumela eshiwo ku-Bank Credit Analyst, owaziwa nangokuthi i-BCA Research, inkampani ehlinzeka ngokuhlaziywa komnotho kanye nezibikezelo eziqhubekayo zezimakethe ezinkulu zezezimali.
Abaphathi bamabhizinisi baseNingizimu Afrika abasamethembi uMengameli Cyril Ramaphosa ongakwazi ukuguqula izinhlanhla zezwe. Ngemuva kweminyaka emine uRamaphosa ethathe izintambo njengomengameli waseNingizimu Afrika ngo-2019, amazwi amaningi avela ezifundeni ezahlukene nasezikhungweni zomphakathi, okuhlanganisa nabamabhizinisi, abukeka edangele ngezinga lokuhlakazeka kwezwe. UWierzycka omsunguli kanye ne-CEO ye-Sygnia uMagda Wierzycka, ekhuluma ezindabeni zeSABC, uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi iNingizimu Afrika ayisabalulekile kubatshalizimali bamazwe ngamazwe.
WATCH: At least Magda Wierzycka (Sygnia CEO), was bold enough to publicly admit that they hoped that President Cyril Ramaphosa was going to do better than former President Jacob Zuma, but things became worse under his watch. pic.twitter.com/uJ09tKd71M
— Sihle Mavuso (@ZANewsFlash) January 5, 2024
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
