Umseshi wamaphoyisa ubanjwe inkunzi eVerulam KwaZulu Natal

UWarrant Officer osebenza kwigatsha labaseshi emaphoyiseni aseVerulam uhlaselwe futhi wabanjwa nenkunzi ku-Wick Street khona kulelidolobha. Abezimo eziphuthumayo kanye nonogada abaqhaphayuo kulendawo, bathole izingcingo ezibazisa ngokugetshengwa okusaqhubeka nokuthe uma befika bathola iphoyisa lilimele emzimbeni nasebusweni.

Lomseshi uthi ubehamba ngasendaweni yezimidlalo ku-Wick Street eVerulam Central Business District ngesikhathi ehlaselwa ngamadoda amabili. Abasolwa baklinye iphoyisa base bemphuca iselula, base bemshaya babaleka.

Umseshi ube esekhipha isibhamu sakhe wajaha abasolwa, kanti waphinde wadubula izikhawu ezimbili zesexwayiso ngesikhathi ejahana nalezigilamkhuba ngezinyawo wagcina eGandhi Park eduzane neNkantolo yeMantshi yaseVerulam. Ushiye phansi ukubajaha ngenxa yokulimala akuthole ngesikhathi ehlaselwa. Iphoyisa libe selimisa umuntu owayedlula ngendlela, lacela ukuthi kusetshenziswe umakhalekhukhwini wakhe labe ukuze bathole usizo ngokushesha.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.