
Imoto yaseGauteng ebhaliswe ngokuluhlaza eyohlobo lweMercedes Benz E200 eyadunwa eMhlanga Rocks Kwazulu Natal itholwe ivutha eTea Estate eNanda esikhathini esingengakanani edlule. Amaphoyisa athole umbiko mayelana nemoto eshayo, afike endaweni yesigameko athola imoto imi eduze kwesimumoba igqamuka amalangabi.
Amaphoyisa axoxisane nowesilisa otholakale endaweni yesigameko wabatshela ukuthi nguyena obeshayela. Uqhube wathi ubethutha amabhokisi amane (4) kumqashi wakhe wafike wama kuZenith Drive – eMhlanga wafaka i-coolant, ngesikhathi ebona ukuthi imoto ishisa ngokweqile. Ngaleso sikhathi wahlangatshezwa oshayasibhamu ababili (2) bamphoqa ukuthi angene esihlalweni esingemuva bemkhombe ngesibhamu balibhekisa eNanda.
Iqembu lesibili labasolwa lamlandela ngeToyota White (imodeli engaqinisekisiwe). Uma befika eTea Estate umshayeli wakhishwa emotweni. Amabhokisi amane (4) alayishwe emotweni encane yabasolwa. Izigilamkhuba zibe sezithungela imoto yohlobo lweMercedes Benz zabaleka. Ngokusho kwesisulu/umshayeli, okuqukethwe emabhokisini akuzange kudalulwe kuye.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
