
UNelly Madela ongumgqugquzeli wezemidlalo eMabomvini, useqale uhlelo lokuqala amaqembu eNetball kulezindawo ezilandelayo eMavalane, KwaDolo, eNzalabantu, eNqoleni nakwaPhakwe. Uthsele IBUNDA IZINDABA ukuthi uhlose ukugqugqumezela abantu abasha, “ngihlose ukuthi ngigqugquzele abantu abasha ukuthi bazihlanganise nezemidlalo, ngoba ezemidlalo zihlanganisa abantu, ziphinde zidale amathuba omsebenzi, echaza ngohlelo lokudlala lalamaqembu, sizodlala iligi yethu, siphinde sihlanganise iqembu elizosimela emdlalweni yezifunda.
Kunabadlali esizobathumela kuma Salga games kulonyaka, abaqhamuka eMabomvini, khona manjalo uphinde wanxusa abazali ukuthi bavumele abantwana ukuthi beze ejimini yamaqembu, kunezinye izigodi ezifana noNdayi, iNhlonga, uMbonja, eNhlesi, Msinga Top, eNqabeni,eZingulubeni, eNtshamathe, nezinye bahlangane baqale uhlelo lokugqugquzela abantu besifazane abasha ngezemidlalo. UNelly Madela uzoba nohambo lokuhambela lezindawo ngenhloso yokugqugquzela abantu besifazane nabazali nomphakathi ngezemidlalo, uzophinde ahambele umphakathi wase Makhabeleni ngenhloso efanayo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
