
Amaphoyisa avikela ubugebengu adume ngaMapanyaza, abophe amadoda amabili ngokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni nokuqhumisa isibhamu esidlangalaleni. Abaqaphi beCrime Prevention Wardens (STT) basebenzisane namaphoyisa omgwaqo eGauteng ukuze baphendule esigamekweni esithinta amadoda amabili abephethe izibhamu futhi eziqhumisa noma kanjani. Omunye wabo ukhiphe isibhamu esidlangalaleni, omunye watholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.
Amapanyaza, asabele ngokushesha ngemuva kokuthola ikwelo eliqhamuka kumphakathi. Abomthetho babambe womabili la madoda ngezikhathi zasekuseni kanti abasolwa bagcinwe eZonkiZizwe SAPS, babhekene namacala ahlobene nokukhipha isibhamu nobudedengu, ukutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
