
Kuqopheke umlando omusha ngomshado ka Mandlakhe Mtshali oyinjinga yase Msinga eMachunwini. UMtshali ubophe ifindo likasofasilahlane nowa kwakhe okaMokoena kanti lendumezulu yomshado beyenzeka ekhaya kwaMtshali. Lezithandani bezibhalwe ebusweni ukuthi kudala zilulindele lolusuku, njengoba okaMokeona ubesina esigcawini ekhombisa injabulo enhlizweni yakhe njengoba kunguyena undlunkulu wase Mantshalini.
Lomshado ubonakalile ukuthi nomvelinqangi nabaphansi bawumukelile, njengoba isimo sezulu besisilihle licwathile ligeze ngencokazi, khona manjalo abantu ekade behambele lomshado bekwizindimbane, abantu kade beqhamuka kuwowonke amagumbi omhlaba njengoba akekho obefunwa ukuphuthwa yilelithuba eliyinqayizivele. Okwenzekile kwaMtshali bonke abantu kade beyizicukuthwane, namalungu omphakathi wasoPhathe.
Lomshado ubuhanjelwe nayizikhulu zika hulumeni wase Ningizimu Africa nabaholi bezepolitiki, osomabhizinisi abanamagama amakhulu emhlabeni jikelele kade beyinxenye yalenqophamlando. IBUNDA IZINDABA belithamele lomshado lifuna ukuzoqopha umlando kunye noMantshinga. Abaculi kade beshiyelana isiteji khona ekhaya kwaMtshali, osaziwayo abahamba phambili kuleli abasalanga ngaphandle.
IBUNDA IZINDABA likhulume noMantshinga ngalendumezulu yomgcagco wakhe, injabulo ibibhalwe emehlweni, “ngizizwa ngithobekile kakhulu njengoba namuhla ngibopha ifindo likasofasilahlane nomkami okaMokoena, lelithuba kudala sililindile namuhla lifikile lafezeka, ngibonga kumvelingqangi okunguyena onginika amandla, ngiphinde ngibonge wonke umndeni wakithi kwaMtshali nabahlobo ngokungimisa namuhla ngibonge nabaholi bezepolitiki nosomabhizinisi, amalungu omphakathi wonke abehambele lomshado, izithunywa beziqhamuka kumhlaba wonke, lenkinsela ibihlabe izinkomo ezingu 11 zokudliwa, abantu bafinye ngendololwane bayidle baze bayishiya ezithebeni inyama, njengoba beziklabisile lezinkomo, baphuza izinkamba zikaFaro ebezingangamanzi okuphala izikhumba,” kuphetha uMtshali.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
