
Ubuholi be IFP emkhandlwini wase Mzinyathi bulekelele ukutakula osizini umndeni wakwa Mchunu eMvoti. Lomndeni walaxazwa ngumlimi omhlophe owaziwa ngoDavid onegalaji edolobheni lase eMdlovane. Usodolobha womkhandlu wase Mzinyathi uMthandeni Petros Ngubane uncamele ukukhipha ekhukhwini lakhe, ngenhloso yokuthi lomndeni ukwazi ukuxosha ikati eziko.
“Nami ngumuntu ngiyasiqonda isimo esibi esibhekene nomndeni wakwa Mchunu eMvoti, lomndeni sizowulekelela ukuze ukwazi ukuthola ikhaya” kusho uNgubane.
UMeya ubambe iqhaza elimqoka emphakathini wase Mzinyathi namaphethelo njengoba baningi abantu abasizayo. IBUNDA IZINDABA laxhumana noMbomvu lambikela udaba lomndeni wakwa Mchunu eMvoti. UMbomvu washiya owayekwenza, wahlala phezulu kwaloludaba ngokuthumela ithimba, ukuthi lihlole isimo liphinde liqoqe ubufazi. ukuze kusizakale lomndeni wakwaMchunu,
ULungisani Mabaso omele iqembu le IFP kumasipala wase eMvoti ku Wadi 10 uthi bayazwelana kakhulu nalomndeni “Sizwelana kakhulu nomndeni wakwa Mchunu, olaxaziwe ngumlimi ngaphandle kwesizathu esimqoka, kuzomele indima yomthetho idlale indima yayo, wonke umuntu uyalidinga ikhaya, ngiphinde nginxuse abantu base Mzinyathi District ukuthi balule isandla kulomndeni wakwa Mchunu, njengoba becela ukulekelelwa ukwakha ikhaya njengoba bengenalo bafihle ikhaya ehholo lomphakathi”. UMnuzane Richard Mchunu ubonge iqembu le IFP ngokudla abalekelele ngakho noMeya Petros Ngubane, ucela kunoma ngabe ngubani onosizo angabalekelela ngalo ukuthi bathole ikhaya, njengoba behlala ehholo lomphakathi.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
