Bambuyisele eqenjini le Carling Black label Knockout Cup All Stars uKhune

Unozinti we Kaizer Chiefs itumeleng Khune sebembuyisile eqenjini le Carling Black label Knockout Cup All Stars. Iqembu le Kaizer Chiefs belikhononda ngokuthi lisamisile ngenxa yokuthi wafika ejimini enuka utshwala, kodwa abalandeli bamfakile Khune ngokumvotela kakhulu. Abanye abadlali abavotelwe kakhulu kukhona umgadli we Orlando Pirates Kermit Erasmus, Ashley Du Preez we Kaizer Chiefs.

Leliqembu lakhiwe ngabadlali abadlala ku Dstv Premiership League, nabayisithupha beDstv Diski Challenge League, kanti lizodlala nompetha be Carling Black label Knockout Cup iStellenbosh FC. Iqembu le Carling Black label Knockout Cup All Stars lizoqeqeshwa ngumqeqeshi we Orlando Pirates Jose Riveiro alekelelwe ngamaphini akhe amabili uJoseph Dukuduku Makhanya weqembu Orlando Pirates elidlala ku Dstv Diski Challenge League noThabo September ongumqeqeshi we Super Sports United we Dstv Diski Challenge, lomdlalo uzoba ngo January 6 enkundleni yase Limpompo Peter Mokaba Stadium.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.