
UWelcome Mpanza ongusihlalo woMsinga United ufisela amaholidi amahle abadlali nabalandeli bo Msinga United. nezakhamuzi zase Ningizimu Africa , nginifisela amaholidi amnandi nokhisimuzi omuhle, nijabule nibuye nganeno ngoba ngonyaka ozayo siyadingana, nishayele kahle nicophelele emgwaqeni, nehlise uphuzo oludakwayo, nokuzibandakanya ocansi olungaphephile, uphinde waveza ukuthi iqembu lizovula ngomhlaka 12 January, lizodlala umdlalo walo womlenze wesibili ne Drakenseberg FC, lomdlalo umqoka kakhulu eqenjini loMsinga United njengoba lifuna ukozama inhlanhla yokuthi linyukele ku Motsepe Foundation League, leliqembu lidlala kahle kakhulu ngaphansi komqeqeshi uMpumelelo Mpanza,
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
