
UGeorge Maluleka ongumdlali waMaZulu FC ukhala ngokweqiwa yijezi kamuva njena, lomdlali owazakhela igama ku Kaizer Chiefs, Ajax Cape Town, Super Sports United, Mamelodi Sundowns FC. IBUNDA IZINDABA lithole ukuthi lomdlali akaneme nhlobo ukukweqiwa lijezi, kuvela ukuthi uyabona ukuthi ilanga liyamshonela manje, njengoba umqeqeshi waMaZulu FC Parbo Francisco Martin akamuzwa kahle. Endaweni avame ukudlala kuyona sekudlala abadlali abasha abafana no Cenimpilo Ngema, Ben Motshwari.
UMaluleka usanda kujoyina i-Union of Players, lapho aqokwe khona njengonobhala wayo omusha, ethatha lesikhundla ebesiphethwe ngu Cavin Motloung osilaxaze phansi. Lomdlali wazakhela udumo ku Kaizer Chiefs ngokudlala nangokubambisana no Mandla Masango, George Lebese, waphinda washiya kabuhlungu ku Kaizer Chiefs ngesikhathi ejoyina izimbangi zayo iMamelodi Sundowns FC, lapho ufike walizwa ngendaba ijezi kuleliqembu lase Pitoli, njengoba egcine ecoshwa ngaMaZulu FC.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
