
USteve Barker uthi kulabo abangabaza amandlakhe ubakhombisile ukuthi ungumqeqeshi ophumelele empilweni yakhe, njengoba enqobe inkomishi ye Carling Black label Knockout Cup. “Mina ngibonga ithuba umdali angiphe lona lokuphila, iqiniso bekungelula ukunqoba inkomishi ngoba bengiqeqesha amaqembu avika izembe amancane angenazo izinsiza zokusebenza, mina ngikhiqize abadlali abaningi abanohlonzo ku Dstv Premiership, ngabala Andile Jali, Aubrey Mngoma, Mthokozisi Yende, Ashley Du preez, Olwethu Makhanya,” kuchaza uBarker.
“Ngijabulile kakhulu ukuthi nami sengiyinqobile inkomishi, ngempela bekunzima njengomqeqeshi ukuthi ngingayinqobi inkomishi, mina ngisengumdlali ngazinqoba izinkomishi ku Wits University, ezifana ne BP Top 8 Cup, ne Coca-Cola Cup,” kubeka lomqeqeshi. UBarker usehlanganyele eqebeni labaqeqeshi abafana no Manqoba Mgqithi, Rhulani Mokoena, Eric Tinkler, Benni MaCcathy, Pitso Mosimane, abanqobe izinkomishi bengabomsinsi wokuzimilela kuleli.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
