
URamaphosa ugcizelele isidingo ‘sobumbano lwenhloso’ eqenjini, wathi wonke amalungu kumele asebenzisane ukuze kuqinisekiswe ‘ukunqoba kwe-ANC’ okhethweni lukazwelonke luka-2024. UMengameli we-African National Congress (ANC) uCyril Ramaphosa uphinde wagcizelela ikhwelo lakhe lokuthi kube nobumbano eqenjini kulandela izingxabano eziningi phakathi kwamalungu.
Ingxabano yakamuva ibandakanya ingxabano e-inthanethi phakathi kukaNobhala Jikelele we-ANC uFikile Mbalula, nomakadebona wale nhlangano uMavuso Msimang, ezinsukwini ngemuva kokusula kwakhe kule nhlangano.
UMbalula usole umakadebona ngokwamukela ukugwazelwa ukuze ajoyine iqembu elisha lezepolitiki, kanti yena waphendula ezwakalisa ukuthi akahambisani nendlela uNobhala Jikelele abeyiphethe ngayo.
Ngesikhathi uMsimang ehoxisa ukwesula kwakhe, uRamaphosa ugcizelele isidingo sobumbano lwenhlangano.
“Sonke sizosebenzela ukunqoba kwe-ANC, yingakho sithi kumele kube nobumbano lwenhloso. Akufanele kube khona abadonsela eceleni. ”
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
