Uhulumeni waKwaZulu-Natal akathathi hlangothi kwelombango kweSihlalo Sobukhosi

INkantolo eNkulu yasePitoli ivune umfowabo omdala weNkosi uMisuzulu, uMntwana uSimakade, owayekholelwa ukuthi umengameli washesha ukuqaphela iSilo ngokoMthetho woBuholi beNdabuko namaKhoi-San.

Uhulumeni waKwaZulu-Natal ngeke unxenxe ekutheni athathe isinyathelo ngesinqumo seNkantolo eNkulu yasePitoli mayelana nodaba lokuthatha izintambo zobukhosi bukaZulu, wathi lolu daba ngolweHhovisi likaMengameli.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi iNkantolo eNkulu ivune umfowabo omdala weSilo, uMntwana uSimakade, obekholelwa ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa washesha ukuqaphela iSilo ngokoMthetho woBuholi beNdabuko namaKhoi-San.

“Inkantolo ikubeke kwacaca ukuthi udaba belungakona ukuthi ngubani osesihlalweni sobukhosi kodwa belumayelana nezinqubo, umengameli onegunya lokubhekana nalezo zindaba,” kusho uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNomusa Dube–Ncube.

Khona manjalo iSilo uMisuzulu kaZwelithini naso siphawule ngodaba emcimbini womphakathi ebesiwuhambele phakathi nesonto sathi nakuba inkantolo ikhiphe isinqumo, AmaZulu ayazi ukuthi inkosi yawo ngubani. Abeseka uMntwana uSimakade basole umengameli ngokubhebhethekisa ukungezwani emndenini wasebukhosini.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.