
UThembinkosi Lorch ongumdlali we Orlando Pirates uwukhuze ibuya izolo , ngemuva kokumiswa yiqembu le Orlando Pirates ngemuva kokulahlwa yicala lokushaya lowo owayeyintombi yakhe Fundiswa Nokuphiwa Mathithibala, Lorch wamiswa Orlando Pirates ngokuthi angazihlanganisi nemcimbi yeqembu kuze abuye ngohla
12 kuzibandlela, lomdlali ngomunye wabadlali be Orlando Pirates osemkantshu ubomvu njengoba ubalwa kubadlali abashaye amagoli amqoka emdlalweni womkhaya njengoba kukaningi eshayela Orlando Pirates amagoli okunqoba umdlalo womkhaya. wangena emabhukwini omlando wabadlali abashaye amagoli amqoka kowomkhaya, singabala Nicolas Bazooka Seshweni, Marks Maponyane, Jerry Sikhosana, Lesley Manyathela.
Lorch uqale izolo ukuhlanganyela nabanye abadlali be Orlando Pirates, ngokusho kwakhe Lorch uthi ujabulile ukuhlangana nozakwabo, nabamukele kahle kakhulu kusho Lorch.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
