
Kuzoqhuma zinhlavana ezinye zofeketha njengoba abaqeqeshi banezinhloso ezahlukene ngalomdlalo wamanqamu we Carling Black label Knockout Cup ngomgqibelo enkundleni yezemidlalo Moses Mabhida Stadium ngehola lesithathu ntambama 15 :00 , umqeqeshi we Stellenbosh FC uSteve Barker yena ulambele ukunqobela uBaba wakhe omncane Clive Barker owangumqeqeshi we Bafana Bafana owanqoba African Cup of Nations ngo 1996, Barker watshela leliphephandaba ukuthi ufuna ukugcina isithembiso sakhe ngoBaba omncane wakhe sokunqoba indebe,lomqeqeshi opheka Stellenbosh FC usekhombise ukuthi unamava njengoba iqembu lakhe lenzakahle ngaphansi kwe Dstv Premiership League, khona manjalo umqeqeshi we TS Galaxy Sead Ramovic ubhekene nenselelo yokunqoba eMoses Mabhida Stadium njengoba leliqembu laqala ukunqoba inkomishi ye Nedbank Cup kuyona lenkundla ngesikhathi ishaya iKaizer Chiefs, kulindeleke ukuthi abalandeli baphume ngobuningi babo ukuzoseka lamaqembu edlala kowamanqamu nakuba engenabo abalandeli abaningi, kodwa abathandi bezemidlalo kulindeleke ukuthi bayigcwalise lenkundla, kubadlali ababhekiwe ukuthi Stellenbosh FC singadla ngabo le Carling Black label Knockout Cup, singabala Iqraam Rayners, Jayden Adam, Sage Stephen, ku TS Galaxy lingayidla ngo Samir Norkovic, Lehlonolo Mojela.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
