
Isitofu kungenzeka siqale umlilo obulalayo oqubuke ebhilidini elisenkabeni ye-Theku kusho abezicishamlilo. Izicishamlilo zaseThekwini zithi uphenyo lokuqala mayelana nokusha kwamaflethi enkabeni yeTheku, lukhomba ukuthi isitofu esinamapuleti amabili ebesisetshenziswa ngabe siwuqalile.
Kushone umfana osemncane ngemuva kokuqubuka komlilo efulethini elisesitezi sesithupha ebhilidini elikuDr Yusuf Dadoo Street. Ezinye izingane ezimbili kanye nabantu abadala ababili bomndeni owodwa balashelwe ukuhogela intuthu. Ibamba loMkhuzi wophiko enkabeni yeTheku, uMazwendoda Makhanya, uthe ifulethi lonke lishelwe wumlilo.
“Sixoxisane nabantu abaseduze, basitshela ukuthi kukhona umuntu oyedwa ongaziwa ngakho sithumele abezicishamlilo esitezi sesi-6 ukuba bayohlenga ngokuphazima kweso.” “Bekungumfana oneminyaka engu-13 ubudala, samkhipha efulethini saqala ukumenzela i-CPR ephaseji. Sabe sesicela usizo kwabezempilo ngeshwa umfana washona ekulimaleni.” UMakhanya uthi bathole okunye mayelana nefulethi.
“Uma uqhubeka nophenyo uyabona ukuthi bekuyifulethi elilodwa, kodwa lihlukene futhi kukhona namakamelo amancane abenziwe.” “Amaphoyisa akwazile ukunqanda umlilo ukuthi ungabhebhetheki nhlangothi zombili futhi ngaphansi kwefulethi, bekuwumlilo omkhulu.” kuphetha uMakhanya
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
