
Amaphoyisa kanye nezinkampani zonagada sezihlabe ikhwelo kwizakhamuzi zaseThekwini ngezinga eliphezulu lokudunwa kwezimoto. Kunyuke kakhulu ukudunwa kwezimoto ikakhulukazi eSiphingo enyakatho neKwazulu Natal.
Kuphindwe kwanxuswa namalunga omphakathi ukuthi nawo usebenzisane namaphoyisa ukuzama ukuqeda noma ukugwema lesi simo esibonakala sidlondlobala. Kubikwa ukuthi izimoto ezidunwa mihla namalanga kulendawo kanti amaphoyisa asebenza ngokuzikhandla ukunqanda lomkhuba. Izimoto okuxwayiswa ngazo umphakathi ukuthi lezigilamkhuba zisho amashushu ngazo, izimoto zakwaToyota, kanye neBMW, kanti nalezi ezingadumile kakhulu nazo kubukeka sezingena kuloluhlu. Izimoto ezifana namaKWID, CHERRY kanye namaSUZUKI nawo amasela awasazibheki. Kuqhwashiswa amalunga omphakathi ukuthi aqhaphele ngaso sonke isikhathi.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
