Kuthungathwa abasolwa kwelokubanjwa kwemoto yemali eBoksburg

Asephume inqina athungatha amadoda angaziwa ashaye abambe imoto yemali ashaya achitha nesamba esingaziwe eBoksburg eGoli. Amaphoyisa aseGauteng anxusa imiphakathi ukuthi iqaphele izimoto ezimbili zohlobo lwe-BMW, i-X5 emhlophe ebhaliswe ngokuthi i-HY 55 HF GP kanye ne-Silver BMW X2 ebhaliswe ngo-KN 47 KK GP.

Lezi izimoto zisetshenziswe iqulu labasolwa okungenani abayishumi nambili abagebenga imali ku-N12 eduze nomgwaqo uGriffiths eBoksburg namhlanje ekuseni. Amaphoyisa asehlanganise izinsiza eziningi ukuze alandele umkhondo aphinde abambe laba basolwa abebehlome ngezibhamu abebebandakanyeka esigamekweni sokugetshengwa kwaqhunyiswa iveni nesamba semali esingadalulwanga.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.