Kudutshulwe umdayisi wensangu bezama ukumgebenga

Owesilisa oneminyaka engu-47 ubudala udutshulwe amahlandla amaningi ngesikhathi kuzanywa ukubamba inkunzi kuhlonyiwe eNtombe – KZN. Kwatholakala ukuthi udayisa insangu notshwala emagcekeni. Abesilisa abane (4) abangaziwa bafike lapho ehlala khona bathi akavule isango lonogada ukuze bangene.

Badubula kathathu (3) bebhekise kuye ngemuva kokuthi enqabile ukwenza lokho. Ushaywe kabili emhlane kwathi kanye esandleni sokunxele. Abasolwa ngemuva kwalokho babaleka.
Isisulu sasikholelwa ukuthi la madoda ayehlose ukumgebenga.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.