
Ungqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele ubhekwe ngabomvu kuleli sonto – hhayi ngemizamo yokulwa nobugebengu kodwa ohambweni oluyindida lweNdebe Yomhlaba Yebhola lombhoxo eFrance lapho i-SAPS isebenzise cishe ingxenye yesigidi samarandi ukuze umsizi wakhe omkhulu abe khona naye.
Ungqongqoshe, emibuzweni nezimpendulo ephalamende, uthe iSAPS isebenzise u-R446,339.43 ukuze umsizi wakhe omkhulu athamele umdlalo wamanqamu we-RWC. Izindleko zohambo lukaCele zakhokhelwa inkampani ezimele, kodwa iSAPS yaphinde yasebenzisa u-R33,256 ngokuhlala kwakhe eFrance.
Inhlangano elwela amalungelo abantu i-Organisation Undoing Tax Abuse’s (Outa) ikholelwa ukuthi ungqongqoshe kufanele abizelwe ephalamende ukuze aziphendulele ngemali esetshenziswe uMnyango kulolu hambo.
Isikhulu se-Outa uWayne Duvenage, ekhuluma ne-TimesLIVE, uchaze ukusetshenziswa kwemali “njengokungenasidingo”. “Sinohulumeni ongenamali kodwa okubona kufanele ukuthi kusetshenziswe imali ngale ndlela. Kuyizindleko ezingenasidingo futhi kuthumela umyalezo ocacile kungqongqoshe nomnyango ukuthi abayihloniphi imali yabakhokhi bentela,” usho kanje.
UDuvenage uthe nakuba ungqongqoshe nomsizi wakhe benelungelo lokuhambela imicimbi kanokusho kodwa lolu hambo bekungamele lukhokhelwe ngabe-SAPS.
“Ingxenye yesigidi [randi] yenza umehluko emnyangweni lapho amaphoyisa edonsa kanzima ngezinsiza. Ingathenga cishe izimoto ezimbili ezintsha ebezingasetshenziswa kahle nezingasindisa impilo,” usho kanje.
“Umnyango unezinselelo zokushoda kwezinsiza kanti ungqongqoshe ukhuluma ngazo kodwa ube eseziphatha kanje. [UCele] uthumela umyalezo kubasebenzi bakhe kanye nomphakathi ukuthi akanandaba ngempela nezinselelo.”
UDuvenage uthe uCele kumele avele ephalamende nasekomitini elibhekele ukusebenza kwezimali zomphakathi (iScopa) ukuze aziphendulele ngokusetshenziswa kwemali kulolu hambo acacise ukuthi ngabe lufanelekile yini.
“Uma kungalandelwanga imigudu efanele kumele kuqondiswe izigwegwe. Leli yicala elibi kakhulu emthethweni nasekuziphatheni. Ngikholwa wukuthi nakuba iwuhhafu wesigidi samarandi kuphela kodwa yanele ukwenza isibonelo.”
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
