
Umsinga United udlale ngokulingana 0-0 noMkhambathi eMzisho Stadium emdlalweni we ABC Motsepe League KwaZulu-Natal. Umsinga United udlale ngokuzimisela kodwa wahluleka ukushaya amagoli kulomdlalo obusezingeni eliphezulu kakhulu njengoba uMkhambathi FC ubuvimbile emuva ungafuni lutho wala ukhasha, lokho kuwusizile njengoba ubuye nephuzu elimqoka kakhulu nokubenze baqhubeka nokuhlala phezulu ngamaphuzu alinganayo angu 22 kodwa umehluko ngamagoli phakathi.
Leliqembu lika Welcome Mpanza libhekene nenkinga yokuhlohla amagoli, ingcindezi iyaqonga kakhulu kumqeqeshi woMsinga United uMpumelelo Mpanza , njengoba leliqembu kulindeleke ukuthi liphindele emdlalweni wokuhlungela ukungena ku Motsepe Foundation League ngesizini ezayo, kuzomele inyuse amasokisi emdlalweni elandelayo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
