ULehloholo Seama ukhiphe isibhongo ku Chippa United

ISikhukhune United sinqobe kalula iChippa United emdlalweni we Dstv Premiership obulindelwe ngamehlo abomvu njengoba umqeqeshi we Sikhukhune United Lehlonolo Seama wahamba ebalisa kanzima ku Chippa United ngesikhathi usihlalo waleliqembu uChippa Mpengesi emxosha, maqede washwabula kanzima Seama, khona manjalo umdlalo walamaqembu ubusezingeni eliphezulu kakhulu, njengoba ukhombise uqala ukushisa lomdlalo amaqembu ethengana ngapha nangapha kodwa iSikhukhune United sigcine ngokuthi siluhlakaze udonga lase emuva le Chippa United ngesikhathi sithola igoli lokuqala emdlalweni ngonyawo lika Jamie Webber ngomzuzu ka 70 , baphinde bathola igoli ngomzuzu ka 80 elivalelwe phakathi ngu Wiseman Mncube.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.