
Abangu-33 abasolwa ngokushushumbiswa kanye nokubazisulu zokuthumjwa bahlengwe amaphoyise endlini thizeni eBoksburg, eGoli.
Abantu abangu-33 okusolwa ukuthi bangabokufika kuleli okukholakala ukuthi bayizisulu zokushushumbiswa kwabantu batakulwe emzini oseBoksburg. Amaphoyisa aKwaZulu-Natal abethungatha umsolwa ecaleni lokuthunjwa kowokufika kuleli ngesikhathi ezithola esendlini thizeni lapho afike athola khona abantu abawu-33 abayizisulu zokuthunjwa kanye nokushushumbiswa, base behlengwa. Kuze kube manje umsolwa oyedwa uboshiwe.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
