Abokufika kuleli bathola isixwayiso esinzima

Abahambi abavela kwamanye amazwe bathola isexwayiso esiqinile ku-Border Management Authority (BMA). I-Border Management Authority (BMA) ithumele isexwayiso esiqinile ezivakashini zakwamanye amazwe ezihlela ukungena eNingizimu Afrika ngokusebenzisa noma yimiphi imincele okungena ezweni ukuthi bezicanaseli nje, benze nobugebengu, kungenjalo bazodingiswa babuyiselwe emazweni akubo.

UMnyango Wezasekhaya uzokwengeza amahora okusebenza kwawo eminceleni kanye nasemachwebeni anevolumu ephezulu ukuze kugqugquzelwe ukuhamba okushesha nokuphephile ukuwela imingcele.
Ngokusho kukaKhomishana Weziphathimandla uMike Masiapata, izinqubo sezibekiwe zokuhlonza izinto ezingekho emthethweni.

“Kusukela ngoLwesithathu mhla ziyisi-6 kuZibandlela esigxile kakhulu kuzo kuzoba ukuthuthukisa ukusebenza kahle nokusebenza ngempumelelo. Sizobe sinqanda ukuhamba kwabantu nezimpahla ngokungemthetho sigxile ezigebengwini ezihlelwa emngceleni kanye nobunye ubugebengu obujwayelekile.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.