Ukhansela ubonge intsha yeWadi enze kahle kwezemdlalo

Ukhansela waku Wadi 60 kuMkhandlu waseThekwini uCllr. Fakazi Mdletshe. Isithombe Sithunyeliwe

Ikhansela leANC ku-Ward 60 endaweni yaseMahlabathini (Verulam) kumasipala weseThekwini, uKhansela Fakazi Mdletshe uhluleke ngisho ukuzibamba ngenjabulo abenayo ngesikhathi ehalalisela intsha yasendaweni enze ezibukwayo kwezemidlalo emcimbini wezindondo, i-Ward 60 Annual Sports Awards Ceremony ebibanjelwe eGolden Steps School Hall, eMahlabathini. UMdletshe uphinde wakhuthaza intsha yakuleWadi ngokubaluleka kwezemidlalo, kanye nezimo ezimbi intsha engazihlenga kuzo uma izibandakanya nezemidlalo. Uphinde wabala abantu abaphuma kulendawo Wadi asebephumelele ngazo ezemidlalo.

“Kuyisifiso sami ukuthi nonke ngoba nilapha nginibone seniphumele empilweni, nathi senisimele emazweni ngemisebenzi emihle futhi esiziqhenyayo ngayo. Ezemidlalo zibalulekile ngoba zikuhlenga ezintweni eziningi ezingalungile futhi ezingaphazamisa ikusasa lakho. Mina angifune muntu lana engizombona esehlukumeza umphakathi ngoba esedlala izidakamizwa. Uma ngimile lana ngibona abaholi bakusasa, abazophinde badlulisele izimfundiso ezinhle nakulabo ababalandelayo” kubeka uFakazi.

Lomcimbi wokukomeliswa kwentsha yakulendawo ngeqhaza abalibambe kwezemidlalo, uthole okukhulu ukwamukeleka masemphakathini. Izinhlanga ezahlukene zomphakathi zisishayele ihlombe lese senzo sokuklomelisa abantwana uma benze kahle ngoba lokho kwakha ukwezethemba kanye noku khuthazeka nokubaluleka kokuzibandakanya nezinto ezinhle neziphumelelisayo. “Sibonga ubuholi bakulendawo ngokuthi bengakhohlwa ukuklomelisa abantwana bethu uma besebenze ngokuzikhandla ngoba lokho kusakhela isizwe esisebenza ngokuzikhandla” kusho uMam Shinga.

UNobhala wekomidi lezemidlalo kuleWadi, u TK Dimba, uhluleke nokuzibamba ngenxa yenjabulo ukubona isifiso sakhe sokuklomelisa nokukhuthaza intsha kwezemidlalo kelendawo. Uthi ujabule ngokuthi lolusuku seluze lwafika yize bekunzima ngoba indlela ibe yinde. Uphinde wabonga kakhulu nobuHoli bakulendawo oholwa uKhansela Mdletshe, ngokuhlezi besukumela phezulu uma becela usizo. “Sijabule kakhulu siwuSport Comittee ngokuthi seluze lwafika lolusuku, USUKU LWETHU!!.USUKU LWETHU!!!, Lolusuku sisebenze kanzima ukufthi lifike, futhi ngibonga ukubambisana okukhulu kuzozonke izinhlanga zomphakathi, oCoach bonke. Sesinamaqembu emidlalo yeSALGA, ngikhuluma nje sihambile sayomela iDistrict yonke emidlalweni yamaSALGA. Ngiphinde ngibonge iKhansela Mdletshe nobuHoli ngokuhlale bezwa izikhalo zethu ngisho sesifika ngomzumzu wokugcina nje, kodwa uNgomane akaze wasichitha kodwa uvele asukumele phezulu. Siyabonga kakhulu ngoba lokho kusenza sisebenze ngamandla” kuqhuba uTK obubona nje ukuthi injabulo ibhalwe ebusweni.

Lomcimbi wokuKlonyeliswa kwentsha kaWADI 60 kwezemedlalo usazoqhubeka minyaka yonke ngenhloso yokukhulisa izinga nothando lwezemidlalo entsheni yakulendawo. Intsha yakuWadi 60 ithokozele umculo, imiklomelo yezindebe ezicwebezelayo zemisebenzi yabo kwezemidlalo, kanti lomcimbi ubuphethwe umsakazi uKhaya “Lobilobi” Mthwesi womsakazo Izwi lomzansi FM osukumise inkundla, waphinde wahola ulayini ngesikhathi intsha ivuma ingoma evame ukuzicula ezinkundleni zemidlalo.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.