
UPrasa usukhiphe isitatimende ngesitimela iShosholoza Mely ukuthi bayayibuyisa njengoba kade besayimisile ngonyaka ka 2021, lesitimela sihambela amadolobha amakhulu kuleli lase Ningizimu Africa, phakathi kwamadolobha esihambela kuwona khona IGoli, eThekwini, Masina, Bloemfontein, East London, Port Elizabeth, ukumiswa kwalesitimela kwaba ukuguga kwengqalasizinda kajantsi owabe ulimele. khona manjalo ojantsi kuleli lase Ningizimu Africa bayabulawa ngamabomu ngosomabhizinisi, labo labomabhizinisi yilaba bamaloli athwala izimpahla eziya phesheya kwezilwandle, bayazihlomulisa khona ngobugebengu njengoba phakathi kwabo khona osopolitiki abadumile, amaloli asemaningi kakhulu kuleli athwala impahla. ngeviki eledlule kutholakale ukuthi ecwebeni lase Richard Bay akusangeneki ngenxa yobuningi bamaloli, kuze kwadingeka ukuba Matamela Ramaphosa azifikele yena azoxazulula isimo.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
