Intukuthelo ngephrojekthi yaseBuffalo City engasebhishi ebiza u-R87m

UMASIPALA waseBuffalo City (BCM) usufuna osonkontileka bomklamo ongasebhishi lase-East London odle u-R87 million balethe umbiko ochaza kabanzi ngokusebenza, kwesabelomali kanye nohlelo lokuqalisa ukusebenza kwawo ngemuva kokwethula lolu hlelo oselususe umsindo kuleli sonto.

Lo msebenzi ubhekane nokuhlehla okukhulu njengoba umphakathi uzwakalisa ukucasuka ngalokho obekubonwa njengezindleko ezimba eqolo. Iqedwe eminyakeni emithathu kuqalwe ukwakhiwa, i-East London Beach Front Court Crescent, manje eseyiqanjwe kabusha ngokuthi iLeighandre “Baby Lee” Jegels Recreational Park, yavulelwa umphakathi nguNdunankulu wase-Eastern Cape u-Oscar Mabuyane kanye neMeya yaseBCM, uPrincess Faku.

Lo msebenzi uqalwe yiBuffalo City Metropolitan Development Agency (BCMDA), njengenye yezinhlelo ezivelele kulo masipala, okuhloswe ngayo ukuthi idolobha libukeke futhi liguqule le ndawo ibe indawo yokuzijabulisa nezokuvakasha kanye nokuvula amathuba ezomnotho. Yize kubikwa ukuthi i-EFF ifuna kuphenywe ngalolu hlelo, umholi wekhokhasi ye-DA eBuffalo City, uSusan Bentley, uthe lolu hlelo luhluke ngokuphelele kulokho abebekuhlosile.

“Ukusebenza kabi nje. Lo msebenzi ubambezelekile ngo-2020 ngenxa ye-Covid kodwa bekumele uphothulwe ngonyaka odlule (ngoNovemba). Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule sibuze umbuzo ophathelene nokuqhubeka komsebenzi kanye nezindleko ezidalekile.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.