Obengumshayeli wamatekisi useyinkosi yomculo we Traditional Hip-hop kuleli.

UBig Zulu waqala ukusebenza njengomshayeli wa amatekisi eGoli iminyaka emningi , kodwa uthando lomculo lalihlala libubula enhlizweni yakhe njengoba wayekhula elalela umculo we Sicathamiya, noMasikanda, kodwa ngonyaka ka 2008 washiya phansi embonini yamatekisi walandela ubizo lakhe lokuba ngumculi, ngo 2009 waqala wabhala izingoma, waqala wawadlala kubaculi abasafufusa, King of Rap Black City to Black City waqala ukukhipha icwecwe lakhe lokuqala elithi Donsa Nkabi, ngaphansi kwenkampani ngemuva kwesikhathi eside engayitholi inkampani yomculo azoqopha kuyona, ngo 2015 wajoyina Universal Music Record, ngo 2018 wakhipha icwecwe lakhe elithi angimazi umama ngonyaka ka 2020 wakhipha icwecwe lakhe ayehlanganise iNtaba yase Dubai no Rick Rick elithi imali eningi, uphinde wabuya nelinye lapho behamba khona noLwah elithi ngizomthengela umuzi Sandton, wakuphinda lokho ngesikhathi ebuya neZinkabi Zezwe lapho ehamba no Sijavia ngengoma lena ethi uMbayi Mbayi, usebenze nabaculi abaningi abanamagama abafana no Emtee, Khuli Chana, Ricky Ricky, Sijavia, Cassper Nyovest


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.