
Owayengukaputeni we-Orlando Pirates neJomo Cosmos uPapi Khomane nonina bashone engozini yemoto ngoMgqibelo ekuseni. Ngokusho kukayise, uJohannes ‘Yster’ Khomane, indodana yakhe nonina nomunye umgibeli (umlamu wakhe) bebesendleleni eya emngcwabeni eNewcastle KwaZulu-Natal ngesikhathi bebandakanyeka engozini.
Bekumele bahambele umngcwabo edolobheni lesithathu ngobukhulu esifundazweni saKwaZulu-Natal, eNewcastle. Kanti i-Orlando Pirates ikhiphe isitatimende mayelana nokudlula emhlabeni kwalenkakha.
“I-Orlando Pirates Football Club idangele ngokudlula emhlabeni kowayengukaputeni uPapi Khomane,” sifundeka kanjalo isitatimende seqembu.
“Iqembu libikelwe nguyise kanye nesinye isilomo seBucs, uYster Khomane okuqinisekisile ukuthi bobabili indodana yakhe nonkosikazi wayo uNkk Rita Khomane babandakanyeke engozini yemoto namuhla.
“UPapi ubengumuntu ongasho lutho, kodwa ukuba khona kwakhe enkundleni kukhulume kakhulu. Ukuguquka kwakhe ekubeni umuntu othule waze waba umholi osabekayo ngesikhathi semidlalo kwamkhuthaza kakhulu.”
☠️ Message of Condolence | Khomane Family
— Orlando Pirates (@orlandopirates) November 25, 2023
🖥 https://t.co/9Eep41uafv
⚫️⚪️🔴⭐️#OrlandoPirates#OnceAlways pic.twitter.com/PIWCUeS3gh
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
