
UZandile Malinga no Francis Botha babuyise ubumbano nethemba ngezamanqini KwaZulu-Natal, benza umgqudelwano ngokuhlanganyela . Abamhlophe kade bengasabonakali ezimpini zesibhakela zakuleli. Amajaji wonke amhlophe ashiya ngemuva kokuthatha izintambo kuka Mike Dube oyimenenja yezamangqindi KwaZulu-Natal.
Ukubuyisa abamhlophe esibhakeleni kuzodonsa abaxhasi abaningi, njengoba abantu abamhlophe bayasithanda isibhakela kanti futhi banemali yokusixhasa. Khona manjalo uZandile Malinga ukhombisa ukuthi ithimba aknye nesasasa lizobuya njengoba ethi baphokophele phambili ngokuqhatha ngokuhlanganyela no Botha.
“Sifuna ukukhiqiza amabhokisa asezingeni eliphezulu lomhlaba.” kusho uMalinga, ongumphathi we-Starline Boxing Promotions. Kulindeleke ukuthi kuqhwize umentshisi ezimpini ezinkulu nezihamba phambili zalazinkampani, ezobeziholwa phambili khona eka Prince Dlomo ozobe evikela ibhande lakhe ku Ntethelelo Nkosi ngaphansi kwesigaba Junior Welterweight.
UDlomo uzoba elivikela okwesihlanu ibhande lakhe, kanti lamabhokisa akhombise ukungasabani njengoba Ntethelelo Nkosi uthe umphuca ibhande Dlomo wathi uyaligcina sekuzoba ngelakhe. UDlomo uphendule ukuthi uyolithola emathuneni lelibhande njengoba ezomfaka uswazi lompetshisi, lezimpi zizoqala ngo 6:00 ntambama e Suncoast Casino
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
