
UThembinkosi Lorch uzolibuka kanye nezihlwele iqembu lakhe kowe Dstv Premiership. Lokhu kusho ukuthi i-Orlando Pirates izodlala umdlalo wayo ngaphandle kwesithenjwa sayo uThembinkosi Lorch olahlwe yicala lokushaya lowo owayeyintombi yakhe Fundiswa Nokuphiwa Mathithibala.
ULorch uzobuya ngomhlaka 12 kuzibandlela, uzolibuka nezihlwele iqembu lakhe mangabe selidlala ne Richard Bay FC eKing Zwelithini Stadium. Kuzoba kungumdlalo kaLorch wokuqala emva kwesigwebo seqembu le Orlando Pirates esithi makame kancane ezintweni ezithintana naleliqembu.
Lomdlali ulandela ngamashobolo njengoba ngaphambilini ubelimele, uthe ebuya ekulimaleni wadlala kahle kakhulu njengoba ubambe elikhulu iqhaza lokuthi Orlando Pirates inqobe isicoco se MTN 8 Cup.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
