
Kuboshwe amadoda amahlanu aseMlazi, eThekwini, atholwe nezidumbu zezinkomo. Izinkomo ezihlatshiwe kusolwa ukuthi zebiwe eHighflats eningizimu yeKwaZulu-Natal, ngokusho kwe-IOL, Ngemuva kwesonto amaphoyisa aKwaZulu-Natal exwayise amasela emfuyo ngokuthi azobhekana nolaka lomthetho, kuboshwe abasolwa abayisikhombisa ngokutholakala nezinkomo ezihlatshiwe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe abasolwa abahlanu abasolwa ngokuba ngamasela emfuyo kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseHighflats ngoLwesine, mhlaka-23 Novemba, ngemuva kokuboshwa ngoLwesibili, zingama-21 kuNovemba.
UNetshiunda uthe amaphoyisa abegade indawo yokuhlola izimoto emgwaqeni u-R612 eSawoti ngesikhathi ebona imoto esolisayo ebimiswa.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
