Amabhubesi aqhobozela esibayeni sawo Remax Address Friends

Umsinga United unqobe ngegoli elilodwa elivalelwe phakathi ngu Siyamdumisa Maela Zulu emdlalweni we ABC Motsepe League KwaZulu-Natal eMsinga enkundleni yezemidlalo eMzisho Stadium. Amabhubesi aqhobozela kwasani olusendleleni yawo, njengoba agudluze Remax Address Friends kanzima yabuyela emuva emakhaya ishwiba izandla, leliqembu lase eMsinga selivezile ukuthi liyiqembu elidlalela ukunqoba njengoba emdlalweni emhlanu selinqobe imidlalo emine lahlulwa kowodwa, kwaba ngumdlalo wokuqala ngemuva kokulahlekelwa ngabadlali abaningi, abathola amadlelo aluhlaza emaqenjini agijima ku Dstv Premiership League ne Motsepe Foundation League, leliqembu lika Welcome Mpanza libonakala lizimisele ukuthi libe zigqwele ze ABC Motsepe League, nakuba umqansa usekhona njengoba uhambo luselude kakhulu njengoba kuseyimidlalo yokuqala kwesizini, iqembu elibonakala lihlalise kabana amabhubesi uMkhambathi FC njengoba lihlezi phezulu ngamaphuzu alinganayo nawoMsinga United kodwa kukhona umehluko wamagoli, amabhubesi asele ngemuva ngegoli elilodwa, amabhubesi aqhobozela kwasani eMzisho Stadium


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.