
Uhulumeni wesifundazwe saKwaZulu-Natal uvakashele imijondolo yaseClairwood, eThekwini, lapho kucekelwe khona imizi engaphezu kuka-200 ngemuva kokuqubuka komlilo ngoLwesihlanu.
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, ukhulume nabezindaba namuhla, ngemuva kokuvakasha kwakhe eClairwood Informal Settlement, nalapho kuqubuke umlilo ocekele phansi imijondolo engaphezu kuka-200.
Amakhulu ezakhamuzi alahlekelwe yimizi yawo ngemuva komlilo omkhulu oqubuke emijondolo. UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube kanye noNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu nemiSebenzi yoMphakathi, uMnuz Sipho Nkosi, bavakashele le ndawo eClairwood, eThekwini. Imindeni izochitha isikhathi samaholidi idengwane ngemuva kokushiswa kwayo yonke impahla ngoLwesihlanu.
Durban – Fire in the Jacobs area pic.twitter.com/qxgNbAQJeM
— TrafficSA (@TrafficSA) November 10, 2023
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
