
I-ActionSA iqoke uMnuz Zwakele Mncwango njengozoba nguNdunankulu eKZN. Njengamanje uMncwango uyikhansela lale nhlangano eThekwini. Ube nesandla ekuvezeni ukubola edolobheni. Usanda kuphoqa uhulumeni waseKZN ukuthi uhoxise uxhaso lwakhe luka-R28m lwama-SAMA.
UMncwango wethulwa emphakathini njengoSihlalo omusha we-ActionSA KZN Provincial ngoMsombuluko, 17 October 2022 eThekwini. UMncwango owazalelwa wakhulela KwaNongoma uthi waqoka i-ActionSA ngoba efuna ukulungisa iNingizimu Afrika.
“Nakuba nginezinto eziningi engingakhetha kuzona kwangicacela ukuthi umsebenzi ubungakaphothulwa kumele ngiqhubeke nepolitiki ngidlale indima yami ngempela. Ngiphinde nginesabelo sokusebenzela abantu baseNingizimu Afrika, ikakhulukazi abantu baKwaZulu-Natal,” kusho uMncwango.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
