
Usihlalo weqembu loMsinga United Welcome Mpanza umema bonke abalandeli nabahlali base eMsinga ukuthi baphelezele iqembu emdlalweni we ABC Motsepe League. Amabhubesi ase Msinga azobhekana ne EThekwini Coastal enkundleni yase Glebe Stadium, nginxusa abalandeli bonke boMsinga United ukuthi baphume ngobuningi babo ukuzoseka iqembu, ngiyazi ukuthi abanye abahleli nabalandeli bethu abakaze balibone njengoba bagcine ukulibona ngesizini edlule, iqiniso lishintshe kakhulu njengoba kunabadlali abaningi abasha nabadlali abaziwayo abanamagalelo, abafana bawulungele lomdlalo bazokulwela amaphuzu amathathu. sizodlala neqembu eliyingozi kakhulu njengoba elinomqeqeshi onamava Lindani Shezi, bazobe bedlalela ekhaya phambi kwabalandeli babo ngakho kumele nathi sibakhuthaze abadlali bethu, amabhubesi azodlala lomdlalo ahambela phezulu njengoba asenqobe imidlalo emthathu ilandelana ngaphansi komqeqeshi Mpumelelo Mpanza,
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
