
Inkundla yezemdlalo ikakhulukazi ibhola lezinyawo, i-Moses Mabhida Stadium izosingatha owamanqamu wendebe ye Carling Black label Knockout Cup. Ngokusho kwe-PSL ngomhlaka 3 ku-December eMoses Mabhida Stadium iyona ezoba inkundla lapho zizobe zibambene khona kowamanqamu kanti lenkundla isanda kusingatha umdlalo wamanqamu wendebe ye MTN 8 Cup enyangeni edlule, khona manjalo amaqembu okulindeleke ukuthi ahlangane kowamanqamu azophuma phakathi kwe-Richard Bay FC ezodlala ne-Stellenbosh FC kuthi AmaZulu FC azotholana phezulu ne-TS Galaxy.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
