
UGeorge Matlou ongumdlali waseswini we Kaizer Chiefs ukhuthazwa izinkakha zeChiefs ezingo Ace Donald Khuse, Doctor 16 V Khumalo , Thabo Mooki, ngihlala njalo ngibuyelwa ngamazwi abangitshela wona bengiluleka nge Kaizer Chiefs ubumqoka bayo. ukugqoka ijezi le Kaizer Chiefs nokuhlonipha abalandeli be Kaizer Chiefs , ngicabanga ukuthi ngibe nenhlanhla ngokuthola iziluleko ezimqoka , uyabadinga abantu abadala abayihambile lendlela ngaphambili ngoba bakukhombisa wonke amakhona alendlela, ubuhle nobunzima ngaphandle kwenkundla nangaphakathi enkundleni, kumanje ngibona senza kancono noma imphumela edingwa ngabalandeli baleliqembu singakayitholi, ngibona sekusondela ukuthi basuleke izinyembezi zeminyaka, Matlou ungomunye wabadlali abadlala kahle ngaphansi komqeqeshi Molefe Ntsiki njengoba ewuqala umdlalo njalo, lomdlali waqala ukugqama ku Moroka Swallows FC kodwa wafika ku Kaizer Chiefs wahlushwa ukulimala nokwenza wangadlala imidlalo emningi ngesizini edlule, Matlou udlale kahle kakhulu ku MTN 8 Cup njengoba utholana kahle no Castillo enkabeni yesisu samakhosi,
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
