
UNgqongqoshe wezokuThutha nezokuHlaliswa kwaBantu, uSiboniso Duma usekhiphe umyalelo wokuba amaphoyisa ophiko lwe-Road Traffic Inspectorate asebenzisane ne-Durban Metro Police kanye ne-South African Police Service ukuthola umshayeli weloli kanye nomnikazi weloli elishayise imizi eziyisikhombisa kanye nomjondolo owodwa, emgwaqweni i-Prince Mcwayizeni eMlazi.
UDuma uthi, laba bantu ababili kumele baziphendulele ngalokhu okwenziwe yiloli eliphaphalazile.
Kubikwa ukuthi umshayeli weloli, ongowokufika kuleli, ubevakashele omunye umuntu wakwamanye amazwe endaweni yokugunda izinwele eseduze.
Iloli liziqhubekele lodwa lahamba emgwaqweni ngaphandle komshayeli esiteringini, lashiya umonakalo omkhulu.
UNgqongqoshe ushayele ihlombe abantu abebekhona endaweni ngesikhathi kwenzeka isigameko nokuyibo abathathe isinqumo esisheshayo futhi babonisa isibindi, ngokusiza izakhamuzi ezilimele.
Abantu abathathu abashayiswe yiloli bahanjiswe esibhedlela i-Prince Mshiyeni.
IZITHOMBE:









Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
