
Iphoyisa elisebenza esiteshini samaphoyisa saseCato Manor eThekwini lisolwa ngokubambezela ngaphandle kwesidingo inqubo yokukhishwa kwemoto eyayintshontshwe ngendluzula eChesterville, kodwa yatholakala ngokushesha kungakapheli amahora ambalwa kukhishwe umyalelo wokuthi ilahlekile.
Leli phoyisa kuthiwa libambezela inqubo yokuthatha iminwe neminye imininingwane ukuze kukhishelwe umnikazi wayo imoto—okuyimoto ayisebenzisela kwibhizinisi lokuthutha abantu (e-hailing)—njengoba ekhathazekile futhi eyidinga kakhulu.
Kuthiwa ngesinye isikhathi umnikazi wemoto walinda iphoyisa ukuba lize lizoqeda le nqubo, kodwa kwathi uma selufika esiteshini, lathi likhathele lase luhamba. Imoto isagcinwe endaweni yokugcina izimoto ezithathwe ngamaphoyisa eCato Manor, kanti umnikazi ukhathazekile ngokuthi ingase ihlakazwe izingxenye zayo ngokungemthetho.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
