
UNgqongqoshe Wezempilo uDkt Aaron Motsoaledi uthi uyakwemukela ukuthathwa kwempahla engu-R326 Million, kodwa uthi labo abaphanga isibhedlela saseTembisa kusamele baboshwe futhi bashushiswe.
UMotsoaledi uthi umukele umyalelo wokugcina wokuthathwa kwempahla ebiza cishe u-R326 million ohlobene nosomabhizinisi uHangwani (Morgan) Maumela kanye ne-trust yomndeni wakhe.
Uthe lesi sinqumo siphawula inqubekela phambili ebalulekile kodwa wagcizelela ukuthi ukutholwa kwempahla kuphela akwanele. UMotsoaledi uthe labo abavumele ukuphangwa kwesibhedlela saseTembisa kanye noMnyango Wezempilo waseGauteng kumele baboshwe futhi bashushiswe.
Uphinde wacela ukuthi kubuyiselwe imali yomphakathi ngokugcwele, exwayisa ngokuthi akekho okufanele avunyelwe ukuzicebisa esebenzisa imali ehloselwe ukunakekelwa kweziguli. Umyalelo wokuthathwa kwempahla unikezwe i-Asset Forfeiture Unit ye-National Prosecuting Authority futhi uhlanganisa izindawo eziningi zikanokusho eBallito, eKapa nasezindaweni zaseGoli naseSandton, kanye nezimoto ezine zeLamborghini, iBentley kanye nesikebhe.
Izimpahla zizodayiswa endalini, kanti imali etholwe izogcinwa ukuze kutholakale imali ehlobene neSibhedlela saseTembisa. Leli cala liyingxenye yophenyo mayelana nokuphangwa kwemali engaba yizigidigidi ezimbili zamaRandi esibhedlela saseTembisa phakathi kuka-2019 no-2022.
UMotsoaledi uthe isinqumo senkantolo kufanele silandelwe yisinyathelo esengeziwe ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu onecala ngenkohlakalo esolwayo uyaboshwa nokuthi imali yomphakathi eyebiwe iyabuyiswa.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
