
Ithimba leSilo samaZulu namuhla lihlangane noMbusi Unyazi LweZulu ngenhloso yokuyobhula nokulungisa ukungaboni ngasolinye okudaleke ngokuputshuka kwe-video ekhombisa iSilo uMisuzulu okuthiwa ibiphuzile ihlambalaza UMholi webandla lamaNazaretha.
Ngokwesitatimende esisemthethweni esikhishwe ngemuva kwalomhlangano, Unyazi Lwezulu likuqinisekisile ukuthi iSilo uMisuzulu useyiNkosi yakhe, echaza ukungaqondi kahle kwamuva nje njengodaba lomndeni oseluxazululiwe.
Uphinde waqinisekisa ubuqotho bakhe obungantengantengi esiHlalweni sobukhosi sikaZulu kanye neSizwe samaZulu futhi uzwakalise ukubonga ngokuzithoba, inhlonipho nobuqotho obukhonjiswe ithimba lomndeni wasebukhosini phakathi nangesikhathi sonke sokuxoxisana.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
